Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INTSHA IYABUZA

Ngingabhekana Kanjani Nemithetho Yabazali Bami?

Ngingabhekana Kanjani Nemithetho Yabazali Bami?

Kungenzeka kunentsha engontanga yakho oyaziyo ebuyela emakhaya sekuhlwe kakhulu, egqoka noma yini eyithandayo futhi engahamba nabangane bayo iye nomaphi noma nini uma ithanda. Mhlawumbe abazali bayo bamane nje bamatasa kakhulu ukuba baqaphele okwenziwa abantwana babo.

IBhayibheli libonisa ukuthi le ndlela yokukhulisa abantwana ngeke iphumelele. (IzAga 29:15) Ukuntuleka kothando okubona ezweni ngokuyinhloko kubangelwa abantu abazicabangela bona kuphela, iningi labo elakhulela emikhayeni engenamingcele.2 Thimothewu 3:1-5.

Kunokufisa ukuba njengentsha evunyelwa ukuba yenze umathanda, zama ukubheka imithetho yabazali bakho njengobufakazi bokuthi bayakuthanda futhi bayakukhathalela. Ngokubeka imingcele enokulinganisela, balingisa uJehova, owathi kubantu bakhe:

“Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.”IHubo 32:8.