Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?

Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?

Yima ucabange!

Cabanga ngalokhu okwenzeka kuRachel. URachel wayekade ethola o-A no-B esikoleni. Kwathi lapho esebangeni lesihlanu, izinto zashintsha. Uthi: “Uthisha wami wenza konke ayengakwenza ukuze angifeyilise.” Yayiyini inkinga? Uthisha watshela uRachel nonina ukuthi wayengayithandi inkolo yabo.

Othisha bafana namatshe onyathela kuwo lapho uwela angakusiza usuke ekubeni umuntu ongenalwazi uye ekubeni nokuqonda, kodwa uwena okumelwe uhambe

Kwenzekani? URachel uthi: “Njalo lapho kubonakala sengathi uthisha uvumele ubandlululo lumbuse lapho emaka umsebenzi wami, sasihamba nomama siyokhuluma naye. Ekugcineni wayeka ukungihlupha.

Uma kwenzeka okufanayo nakuwe, yiba nesibindi sokuxoxa nabazali bakho ngakho. Cishe bayothanda ukukhuluma nothisha nabaphathi besikole ukuze kutholakale ikhambi.

Kuyavunywa, akuzona zonke izinkinga ezixazululeka kalula. Ngezinye izikhathi kudingeka ubekezele. (Roma 12:17, 18) UTanya uthi: “Omunye wothisha bami wayengabathandi abafundi. Wayejwayele ukusithuka, athi siyizilima. Ekuqaleni kwakungikhalisa lokho kodwa ngafunda ukungamnaki. Ngagxila emsebenzini wami futhi ngasebenza kanzima esifundweni sakhe. Ngenxa yalokho, akangihluphanga kangako, futhi ngangiphakathi kwabambalwa ababethola amamaki amahle. Ngemva kweminyaka emibili, lowo thisha waxoshwa.

Isifundo: Funda indlela yokusebenzelana nothisha olukhuni, uyofunda ikhono elibalulekile eliyokusiza ekuphileni—ikhono eliyoba usizo lapho usunobasi olukhuni. (1 Petru 2:18) Uyofunda nokwazisa othisha abahle uma ubathola.