Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ngingawenza Kanjani Wonke Lo Msebenzi Wesikole?

Ngingawenza Kanjani Wonke Lo Msebenzi Wesikole?

Ongakwenza

Thola indawo yokutadishela. Kufanele ingabi naziphazamiso. Sebenzisa ideski uma kungenzeka. Ungayivuli i-TV.

Nquma ukuthi yini ebalulekile. Njengoba isikole sibalulekile, nquma ukuthi uzokwenza umsebenzi wesikole kuqala.

Isikhathi sifana nehhashi eligabavulayo—kumelwe ufunde ukusilawula

Ungawuhlehlisi. Yiba nesimiso sokwenza umsebenzi wesikole futhi unamathele kuso.

Yiba nesu. Nquma ukuthi yimuphi umsebenzi ozowenza kuqala, yimuphi ozolandela, njalo njalo. Bhala ephepheni bese uzibekela isikhathi ozimisele ukusichitha emsebenzini ngamunye. Lapho usuqedile ngomsebenzi othile, phawula ephepheni lakho ukuthi usuqedile ngawo.

Thatha amakhefu. Uma uzwa ukuthi ingqondo yakho isiqala ukuzulazula, thatha ikhefu elincane. Kodwa buyela kuwona ngokushesha ngangokunokwenzeka.

Zethembe. Khumbula, umehluko phakathi komfundi ophumelelayo nongaphumeleli udalwa indlela umfundi azimisele ngayo, hhayi izinga lokuhlakanipha kwakhe. (IzAga 10:4) Ungaphumelela esikoleni. Yenza umzamo, uzowuthola umvuzo.