INTSHA IYABUZA
Yini Engingayenza Uma Ngiphule Umthetho Wasekhaya?
Cishe yonke imindeni inemithetho yasekhaya, enjengokuthi kumele ubuye ngasiphi isikhathi ekhaya, isikhathi osichitha usemishinini yezobuchwepheshe nendlela ophatha ngayo abanye.
Kuthiwani uma wephule umthetho wasekhaya? Angeke ukushintshe okwenzekile kodwa kukhona okuthile ongakwenza ukuze izinto zingabi zimbi nakakhulu. Lesi sihloko sizokubonisa ukuthi ungakwenza kanjani lokho.
Okungafanele ukwenze
Uma abazali bakho bengazi ukuthi wephule umthetho ungase ulingeke ukuba ufihle okwenzile.
Uma bazi ukuthi wephule umthetho ungase ulingeke ukuba uzivikele noma usole omunye umuntu ngesenzo sakho.
Konke lokhu akukuhle. Kungani? Ngoba ukufihla okwenzile noma ukuzama ukuzivikela kubonisa ukuthi awukakhuli kahle. Kumane kubonisa abazali bakho ukuthi usadinga ukukhula.
“Ukuqamba amanga akukaze kwaba isixazululo. Ngokuhamba kwesikwathi, iqiniso liyovela futhi isijeziso oyosithola siyoba sikhulu kunaleso ubuyosithola ukube ukhulume iqiniso zisuka nje.”—UDiana.
Indlela engcono yokulungisa umonakalo
Vuma iphutha lakho Abazali bakho bayazi ukuthi unesono. Kodwa balindele ukuba ukhulume iqiniso. IBhayibheli lithi: “Ofihla iziphambeko zakhe ngeke aphumelele.” (IzAga 28:13).
“Abazali bakho bayokuzwela uma ukhuluma iqiniso. Lapho ukhuluma iqiniso, abazali bakho bayokwethemba nakakhulu.”—U-Olivia.
Xolisa. IBhayibheli lithi: “Gqokani ukuthobelana.” (1 Petru 5:5) Kudingeka uthobeke ngempela ukuze ukwazi ukuthi “Ngiyaxolisa” ngaphandle kokubeka izaba.
“Abantu abahlezi bebeka izaba, kancane kancane unembeza wabo ugcina ungasabakhuzi lapho benza okubi. Ukwenza okubi kugcina kungasabenzi bashaywe unembeza.”—UHeather.
Yamukela imiphumela yezenzo zakho. IBhayibheli lithi: “Lalelani isiyalo.” (IzAga 8:33) Gwema ukukhononda futhi uhambisane nanoma isiphi isijeziso abazali bakho abakunika sona.
“Uma ulokhu ukhononda ngesijeziso ositholile, izinto zizoba zimbi. Thola indlela yokwamukela isijeziso, kodwa ungagxili kulokho okukulahlekele.”—UJason.
Sebenza kanzima ukuze baphinde bakwethembe. IBhayibheli lithi: ‘Lahlani ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili.’ (Efesu 4:22) Qhubeka uziphatha kahle ukuze abazali bakho baphinde bakwethembe.
“Uma uqhubeka wenza izinqumo ezihlakaniphile futhi ubonisa abazali bakho ukuthi ngeke uphinde iphutha elifanayo, lokho kuyokwenza bakwethembe futhi.”—UKaren.
ICEBISO: Yenza okungaphezu kwalokho okulindeleke ukuba ukwenze ukuze ubonise abazali bakho ukuthi basengakwethemba. Ngokwesibonelo, ngokuzayo uma unendlela, batshele abazali bakho ukuthi uzobuya nini—ngisho nalapho uzobuya ngaphambi kwesikhathi osibekile. Lokhu kuzobasiza babone ukuthi ufuna bakwethembe.