Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingayeka Kanjani Ukuzizwa Ngilusizi Kangaka?

Ngingayeka Kanjani Ukuzizwa Ngilusizi Kangaka?

 

“Wonke umuntu uma ebhekene nezinkinga, ngithatha isinyathelo sokumsiza azixazulule futhi ngimqinise idolo. Kodwa ngemva kwalokho, ngiyamba ngiye ekhaya ngifike ngikhale, futhi bambalwa kakhulu abakwaziyo lokho.”—UKellie.

“Uma ngizizwa ngidangele, ngivele ngizihlalele ngedwa. Uma ngithola isimemo esivela kothile, ngibeka izaba zokungaphumeleli. Ngikwazi ngempela ukufihla indlela engizizwa ngilusizi ngayo kubantu basekhaya. Bacabanga ukuthi konke kuhamba kahle.”—URick.

Ingabe wake wacabanga njengoKellie noma uRick? Uma kunjalo, ungasheshi uphethe ngokuthi kukhona okungalungile kuwe. Iqiniso liwukuthi, wonke umuntu uyaba lusizi ngezikhathi ezithile. Ngisho namadoda nabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini babeba lusizi ngezinye izikhathi.—1 Samuweli 1:​6-8; IHubo 35:14.

Kwezinye izimo, kungenzeka ukuthi uyayazi into ekudabukisile, kanti kwezinye, kungenzeka ungazi. U-Anna oneminyaka engu-19 ubudala uthi: “Akudingeki ubhekane nesimo esibuhlungu ukuze uzizwe unomunyu. Lo muzwa ungafika noma nini, ngisho nalapho kungekho lutho olukukhathazayo ekuphileni. Kuyindida, kodwa kuyenzeka!”

Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela—ngisho noma ibonakala ingekho—yini ongayenza lapho uzithola ugajwe usizi? Zama lokhu okulandelayo:

  1. Khuluma nabanye ngakho. Lapho ebhekene nenhlekelele, uJobe wathi: “Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!”​—Jobe 10:1.

    UKellie: Impumuzo engiyizwayo ngemva kokukhuluma nothile iyamangalisa. Ekugcineni, sebekhona abaziyo ukuthi ngibhekene nani. Bangakwazi ukungitakula obishini!

  2. Kubhale phansi. Lapho usizi lufiphaza umbono wakho ngokuphila, ungase uzame ukukubhala phansi lokho okucabangayo. Encwadini yakhe ephefumulelwe yamaHubo, ngezinye izikhathi uDavide waveza umuzwa wokudabuka ojulile. (IHubo 6:6) Ukubhala ngemizwa enjalo kungakusiza ‘ulonde ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga.’—IzAga 3:21.

    UHeather: Ukubhala kuyangisiza ngikhiphe imicabango engemihle ebangelwa ukudabuka. Uma ukwazi ukuveza imizwa yakho futhi uyilungise, ukuba lusizi kuyancipha.

  3. Thandaza ngakho. IBhayibheli lithi uma uthandaza ngezinto ezikukhathazayo, ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda inhliziyo yakho namandla akho engqondo.’—Filipi 4:6, 7.

    U-Esther: Ngangizama ukuthola ukuthi kungani ngangizizwa ngiphansi kangaka, kodwa ngangehluleka. Ngacela uJehova ukuba angisize ngijabule. Ngase ngikhathele ukuzizwa ngilusizi ngaphandle kwesizathu. Ekugcineni ngayinqoba leyo nkinga. Ungawadeleli neze amandla omthandazo!

    Ukusikisela: Sebenzisa iHubo 139:23, 24 njengesibonelo sendlela ongathandaza ngayo kuJehova. Mthululele inhliziyo yakho, umcele ukuba akusize uthole imbangela yokudabuka kwakho.

Ngaphezu kwalokhu kusikisela osekushiwo, unomthombo wosizo obaluleke kakhulu oyiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ukugcwalisa ingqondo yakho ngemicabango eyakhayo etholakala ekulandiseni kweBhayibheli, kungaba nomthelela omuhle endleleni ozizwa ngayo.—IHubo 1:1-3.

Lapho umuzwa wosizi ubelesela

URyan uthi: “Ngezinye izinsuku ekuseni, ngiyaye ngibone kungcono ukuvele ngiqhubeke ngizilalele, ngigweme ukuvuka ngibhekane nolunye usuku olungajabulisi.” URyan uhlushwa isifo sokucindezeleka, nokho akayedwa. Ucwaningo luveza ukuthi cishe omusha oyedwa kwabane uhlushwa uhlobo oluthile lokucindezeleka okukhulu noma okuncane ngaphambi kokuba afinyelele ebudaleni.

Ungathola kanjani ukuthi unesifo sokucindezeleka yini noma cha? Ezinye izimpawu zaso zihlanganisa ukuguquguquka kwemizwelo nendlela owenza ngayo izinto, ukungafuni ukuba nabantu, ukungathandi ukwenza noma yini, ushintsho oluphawulekayo endleleni odla ngayo nolala ngayo, kanye nomuzwa ojulile wokuzibona ungelutho noma umuzwa wecala ongafanele.

Yiqiniso ukuthi cishe wonke umuntu uke abe nalo olunye lwalezi zimpawu noma eziningana zazo ngezinye izikhathi. Kodwa uma lezi zimpawu ziphikelela kuze kudlule amasonto amaningana, kungani ungakhulumi nabazali bakho ukuze uye kudokotela ayokuhlola? Udokotela angasiza ekutholeni ukuthi ukudabuka kwakho kuyinkinga yempilo yini.

Uma uhlushwa isifo sokucindezeleka, asikho isizathu sokuba namahloni. Abaningi abanalesi sifo bazizwa bengcono ngemva kokuthola usizo lwezokwelapha—mhlawumbe ubungcono osekuyisikhathi eside bagcina ukubuzwa. Kungakhathaliseki ukuthi ukuzizwa kwakho ulusizi kubangelwa isifo sokucindezeleka noma cha, khumbula amazwi aduduzayo eHubo 34:18: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”