Kuthiwani Uma Nginesizungu?
Ongakwenza
1. Gxila emakhonweni akho. (2 Korinte 11:6) Nakuba kukuhle ukwazi izindawo oshiyeka kuzo, kuningi nokwazi ukukwenza. Ukuqaphela izinto okwazi ukuzenza kahle kuyokunika ukuzethemba okudingayo ukuze uyeke ukuzenyeza futhi unqobe isizungu. Zibuze, ‘Ayini amakhono ami?’ Cabanga ngeziphiwo noma izimfanelo ezinhle onazo.
2. Yiba nesithakazelo esiqotho kwabanye. Qala ngokubonisa isithakazelo kubantu abambalwa. UJorge, osemusha uthi: “Ukubuza abanye ukuthi banjani noma ukubabuza ngomsebenzi wabo kuyakusiza ubazi kangcono.”
Ungalivala igebe elikuhlukanisa nontanga yakho
Icebiso: Ungagcini nje kubantu abalingana nawe. Obunye bobungane obufudumele obulotshwe eBhayibhelini babuphakathi kwabantu ababeshiyana kude lé ngeminyaka, njengoRuthe noNawomi, uDavide noJonathani kanye noPawulu noThimothewu. (Ruthe 1:16, 17; 1 Samuweli 18:1; 1 Korinte 4:17) Khumbula nokuthi lapho nixoxa usuke ungakhulumi wedwa. Abantu bayamthanda umuntu oyisilaleli esihle. Ngakho uma unamahloni, khumbula—akudingeki ukhulume wedwa!
3. Hlakulela “ukuzwelana” nabanye. (1 Petru 3:8) Ngisho noma ungavumelani nombono womuntu oxoxa naye, ngesineke mvumele akhulume. Gxila emaphuzwini enivumelana ngawo. Uma unomuzwa wokuthi kumelwe uveze umbono ohlukile ngendaba ethile, kwenze lokho ngomoya omnene nangokuhlakanipha.
Icebiso: Khuluma nabanye ngendlela ongathanda kukhulunywe nawe ngayo. Ukuxabana okungadingekile noma ukuchwensa, ukwedelela noma ukuhlale ukhuza abanye uzenza olungile kwenza abantu bahambele kude nawe. Bayokuthanda kakhulu uma ‘amazwi akho ngaso sonke isikhathi eba nomusa.’—Kolose 4:6.