Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INTSHA IYABUZA

Ngingakugwema Kanjani Ukukhuluphala?

Ngingakugwema Kanjani Ukukhuluphala?

IBhayibheli likhuthaza ‘ukulinganisela.’ (1 Thimothewu 3:2) Lokho kuhlanganisa nemikhuba yakho yokudla. Ngakho kunganjani uzame lokhu okulandelayo?

Lalela isisu sakho. UJulia oneminyaka engu-19 uthi, “Ngangivame ukukukala ukudla engikudlayo, kodwa manje sengiyayeka ukudla uma sengisuthi.

Gwema ukudla okungenamsoco. UPeter oneminyaka engu-21 uthi, “Ngokuyeka iziphuzo ezinoshukela, ngancipha ngamakhilogremu amahlanu ngenyanga eyodwa!

Yeka imikhuba emibi yokudla. U-Erin oneminyaka engu-19 uthi, “Ngizama ukungakuphindi ukudla.

Indlela Yokuphumelela: Ungeqiwa izikhathi zokudla! Ngaphandle kwalokho, uzolamba bese udla kakhulu.

Yiqiniso, abanye abantu abathi “kufanele nginciphise umzimba” banombono ongafanele ngemizimba yabo. Basuke benemizimba emihle kakhulu. Nokho, kuthiwani uma ngempela kudingeka unciphise umzimba? Nakhu okwenziwa intombazane enguCatherine.

“Ngesikhathi ngisemncane ngangikhuluphele, okuyinto engangingayithandi neze. Ngangingayithandi indlela engangibukeka ngayo nengangizizwa ngayo!

“Ngangiye ngizame ukunciphisa umzimba ngezindlela ezisheshayo, kodwa ngibuye ngikhuluphale. Ngakho lapho ngineminyaka engu-15, nganquma ukwenza ushintsho. Ngangifuna ukunciphisa umzimba ngendlela efanele—indlela engangiyonamathela kuyo ukuphila kwami konke.

“Ngathenga incwadi ekhuluma ngokudla okunempilo nokuvivinya umzimba, ngase ngiyakusebenzisa lokho engangikufunda. Ngangizimisele ukuthi ngisho noma ngingaphazamiseka noma ngidikibale ngeke ngiyeke.

“Uyazi ukuthini? Kwasebenza! Ngonyaka nje ngancipha ngamakhilogremu angu-27. Sekuphele iminyaka emibili ngingakhuluphali. Ungathi ngiyaphupha!

“Ngicabanga ukuthi into eyangenza ngaphumelela ukuthi angizange nje ngilandele indlela ethile yokudla—kodwa ngashintsha indlela yami yokwenza izinto.”—UCatherine, oneminyaka engu-18.