Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ngingamelana Kanjani Nesilingo?

Ngingamelana Kanjani Nesilingo?

Ongakwenza

Okokuqala, qaphela ukuthi kumelwe uziphendulele ngezenzo zakho—kungakhathaliseki ukuthi abangane bakho benzani.

Okwesibili, phawula ukuthi yini enethonya elikhulu kuwe.

Okulandelayo, zibuze, ‘Lokhu kucindezela kuvame ukuvela nini? (Uma ngisesikoleni? Uma ngisemsebenzini? Kwezinye izindawo?) Ukwazi ukuthi uzocindezelwa nini kuyokusiza ukuba ukugweme ngokuphelele.

Manje, usukulungele ukuthatha isinyathelo. Umgomo wakho wokuqala ukuthola indlela yokunciphisa leyo nto ekucindezelayo noma ukungahlangani nhlobo nayo. (Ngokwesibonelo: Uma ngemva kwesikole uvame ukuhlangana nofunda nabo abakukhuthaza ukuba ubheme nabo, ungahamba ngenye indlela ukuze ungahlangani nabo.) Ukubhekana namaqiniso: “Abangane” abakucindezela ukuba wenze izinto ezimbi, akubona ngempela abangane bakho.

Lapho uvumela ukulingwa, uba yisigqila sezifiso zakho

Kuyiqiniso ukuthi ngeke ukwazi ukubalekela konke ukucindezelwa. Kungekudala ungase ubhekane nesilingo esinamandla—mhlawumbe ngesikhathi ongasilindele. Yini ongayenza?

Isihluthulelo ukuba uhlale ukulungele!

Cabanga ngalokhu: UJesu wayazi ukuthi umiphi ezindabeni zokuziphatha. Wayezimisele ukulalela uYise ngaso sonke isikhathi. (Johane 8:28, 29) Isihluthulelo, ukwazi kusengaphambili ukuthi umiphi.

Umsebenzi. Ake uzame ukubona ukuthi ungakwazi ukucabanga izizathu ezimbili ezenza kufaneleke ukumelana nokucindezelwa obhekana nakho njalo bese ucabanga ngezinyathelo ongazithatha ezingakusiza umelane nakho.

Kungani uvumela abanye bakulawule? Yiba nesibindi sokwenza lokho owaziyo ukuthi kulungile. (Kolose 3:5) Qhubeka ukuthandazelalokhu ukuze uqhubeke ukwenza.—Mathewu 6:13.