Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INTSHA IYABUZA

Ngingasithola Kanjani Isikhathi Esengeziwe Sokulala?

Ngingasithola Kanjani Isikhathi Esengeziwe Sokulala?

IBhayibheli lithi: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:6) Uma ungazange ulale kahle, ngeke ukwazi ukusebenza kahle!

  • “Uma ngingalalanga ngokwanele, ingqondo ivele ime nsi. Ivele nje ingasebenzi!”—URachel, oneminyaka engu-19.

  • “Ngawo-2:00 ntambama, ngivele ngikhathale ngifikelwe ubuthongo ngisaxoxa nomuntu!”—UKristine, oneminyaka engu-19.

Ingabe kudingeka uthole isikhathi esengeziwe sokulala? Nakhu abanye ontanga yakho abakwenzile.

Gwema ukulala ebusuku kakhulu. Bengilokhu ngizama ukusheshe ngilale,” kusho uCatherine oneminyaka engu-18.

Vala izingxoxo. URichard oneminyaka engu-21 uthi, “Ngezinye izikhathi abangane bami bangishayela ucingo noma bangithumelele umyalezo ebusuku kakhulu, kodwa muva nje sengiyakwazi ukuyivala ingxoxo ngilale.

Ungazishintshashintshi izikhathi olala ngazo. UJennifer oneminyaka engu-20 uthi, “Muva nje, ngizama ukulala nokuvuka ngesikhathi esifanayo nsuku zonke.

Indlela Yokuphumelela: Zama ukulala okungenani amahora angu-8 nsuku zonke.

Uyozuza kakhulu ngokuthatha izinyathelo ezimbalwa zokuthola isikhathi esengeziwe sokulala. Khumbula, ukuba nempilo enhle kuyokusiza ukuba ubukeke kangcono, uzizwe ungumqemane futhi usebenze kahle.

Ngokungafani nezinye izinto ekuphileni, ungakwazi ukwenza okuthile ngesimo sakho sempilo. U-Erin oneminyaka engu-19 uthi, “Okusalayo, impilo yakho isezandleni zomuntu oyedwa qhawena.