INTSHA IYABUZA
Ingabe Ngikulungele Ukushada?
Ngaphambi kokuba uphendule lowo mbuzo, kudingeka ukuba uzazi kahle wena ngokwakho. Ngokwesibonelo, cabangela la maqiniso alandelayo:
Ubudlelwane
Ubaphatha kanjani abazali bakho nezingane zakwenu? Ingabe uvame ukubathukuthelela kalula, mhlawumbe usebenzise amazwi anokhahlo noma inkulumo ebhuqayo uma ufuna ukuveza iphuzu? Yini abangayisho ngawe ngokuphathelene nalokhu? Indlela osebenzelana ngayo namalungu omkhaya ibonisa indlela oyomphatha ngayo umuntu oyoshada naye.—Efesu 4:31.
Ubuntu bakho
Ingabe unombono omuhle noma uhlale ungabaza? Uyacabangela, noma ingabe uhlale ufuna izinto zenzeke ngendlela ethandwa nguwe? Uyakwazi yini ukuzigcina uzolile ngaphansi kwesimo esicindezelayo? Uyabekezela? Ukuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu manje kuyokusiza uzilungiselele ukuba yindoda noma umfazi kamuva.—Galathiya 5:22, 23.
Ezezimali
Ingabe uyakwazi ukuyisebenzisa kahle imali? Ingabe uhlale unezikweleti? Uyakwazi yini ukulondoloza umsebenzi? Uma kungenjalo, kungani? Ingabe kungenxa yohlobo lomsebenzi? Umqashi? Noma, ingabe kungenxa yomkhuba onawo okufanele uwulungise? Uma uhluleka ukuphatha imali yakho ngendlela efanele, khona-ke uyokwazi kanjani ukuphatha eyomkhaya wakho?—1 Thimothewu 5:8.
Ingokomoya
Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, linjani ingokomoya lakho? Uyasithatha yini isinyathelo sokufunda iZwi likaNkulunkulu, sokuya enkonzweni yasensimini nesokuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu? Umuntu oshada naye udinga umngane womshado oqinile ngokomoya.—UmShumayeli 4:9, 10.
Njengoba uya ngokuya uzazi wena ngokwakho, uyokuhlomela kangcono ukuthola umuntu oyothuthukisa izimfanelo zakho ezinhle kunokuba enze ubuthakathaka bakho bugqame nakakhulu.