Uyini UMthetho Wegolide?
Impendulo yeBhayibheli
Amagama athi “uMthetho Wegolide” awekho eBhayibhelini. Noma kunjalo, abaningi basebenzisa la magama lapho bekhuluma ngomthetho wokuziphatha uJesu afundisa ngawo. Entshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu wathi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumele nizenze kubo.” (Mathewu 7:12; Luka 6:31) UMthetho Wegolide uye wachazwa nangale ndlela: “Yenza kwabanye lokho ofuna nabo bakwenze kuwe.”—Encyclopedia of Philosophy.
UMthetho Wegolide uchaza ukuthini?
UMthetho Wegolide usikhuthaza ukuba siphathe abanye ngendlela esingathanda ukuphathwa ngayo. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bayathanda lapho abanye bebaphatha ngenhlonipho, ngomusa nangothando. Kuyinto elindelekile-ke, ukuthi nathi ‘sibaphathe ngendlela efanayo’ nabanye.—Luka 6:31.
Kungani uMthetho Wegolide uwusizo?
UMthetho Wegolide usebenza cishe kuzo zonke izimo. Ngokwesibonelo . . .
Ungaqinisa imishado.—Efesu 5:28, 33.
Ungaqondisa abazali lapho bekhulisa izingane zabo.—Efesu 6:4.
Ungenza kube nobuhlobo obuhle phakathi kwabangani, omakhelwane nabantu abasebenza ndawonye.—IzAga 3:27, 28; Kolose 3:13.
UMthetho Wegolide uyigoqa kahle ingxenye enkulu eshiwo yilokho esikwazi ngokuthi iTestamente Elidala. Umthetho kaJesu wokuziphatha ‘uyilokho okushiwo nguMthetho [izincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli] nabaProfethi’ [izincwadi eziqukethe iziprofetho]. (Mathewu 7:12) Ngamanye amazwi, uMthetho Wegolide ugoqa iqiniso elibalulekile eliseTestamenteni Elidala: ukuthanda umakhelwane.—Roma 13:8-10.
Ingabe uMthetho Wegolide umayelana nokuthi yini esingayithola kwabanye?
Cha. UMthetho Wegolide ugcizelela ukupha. Lapho uJesu ekhuluma ngoMthetho Wegolide, wayengakhulumi nje kuphela ngokuphathana kwabantu okuvamile kodwa nangendlela yokuphatha komuntu izitha zakhe. (Luka 6:27-31, 35) Ngakho uMthetho Wegolide ukhuthaza abantu ukuba benze okuhle kubo bonke abantu.
Ungawusebenzisa kanjani uMthetho Wegolide?
1. Qaphelisisa. Nakisisa abantu abaseduze kwakho. Ngokwesibonelo, ungase ubone othile esindwa opulasitiki bezinto azithenge esitolo, uzwe ngomakhelwane olaliswe esibhedlela, noma uqaphele ukuthi kunokuthile okuphethe kabi osebenza naye. Lapho ‘ukhathalela abanye’ cishe uyowathola amathuba okusho noma okwenza okuthile okuwusizo.—Filipi 2:4.
2. Yiba nozwela. Zifake ezicathulweni zomunye umuntu. Ubungazizwa kanjani ukuba ubusesimweni esifanayo? (Roma 12:15) Ukuzifaka ezicathulweni zabanye, kungakwenza ufune ukubasiza.
3. Zivumelanise nezimo. Khumbula ukuthi abantu abafani. Ofisa ukuba abantu bakwenzele kona kungase kungafani nalokho bona abafisa kwenziwe kubo. Ngakho, kuzo zonke izinto ongabenzela zona, zama ukukhetha lokho bona abazokuthanda kakhulu.—1 Korinte 10:24.

