Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Obani Abaya Esihogweni?

Obani Abaya Esihogweni?

Impendulo YeBhayibheli

Isihogo (“iShiyoli” ‘neHayidesi’ ngezilimi okwabhalwa ngazo iBhayibheli) siyithuna, hhayi indawo yokuhlushwa ngomlilo. Obani abaya esihogweni? Kokubili abalungile nabangalungile. (Jobe 14:13; IHubo 9:17) IBhayibheli lithi leli thuna elivamile labantu liyindlu “okuhlangana kuyo wonke umuntu ophilayo.”Jobe 30:23.

Ngisho noJesu waya esihogweni lapho efa. Nokho, “akashiywanga eHayidesi” ngenxa yokuthi uNkulunkulu wamvusa.IzEnzo 2:31, 32.

Ingabe isihogo siyohlala phakade?

Bonke abangena esihogweni bazophinde baphume, uJesu uzosebenzisa amandla kaNkulunkulu ukubabuyisela ekuphileni. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Uma sikhuluma ngalolo vuko lwesikhathi esizayo, isiprofetho esikusAmbulo 20:13 sithi “ukufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho.” (King James Version) Lapho bonke abantu sebekhishiwe esihogweni, ngeke sisaphinde sibe khona; akekho oyophinde angene kuso ngoba “ukufa ngeke kusaba khona.”IsAmbulo 21:3, 4; 20:14.

Nokho, akubona bonke abantu abafayo abaya esihogweni. IBhayibheli libonisa ukuthi abanye abantu baye baba babi kakhulu kangangokuthi akunakwenzeka ukuba baphenduke. (Hebheru 10:26, 27) Lapho abanjalo befa abayi esihogweni, kodwa baya eGehena, efanekisela ukubhujiswa kwaphakade. (Mathewu 5:29, 30) Ngokwesibonelo, uJesu wabonisa ukuthi abanye abaholi benkolo abangabazenzisi bangesikhathi sakhe babeyoya eGehena.Mathewu 23:27-33.