Dlulela kokuphakathi

Yisono Esinjani Esingenakuthethelelwa?

Yisono Esinjani Esingenakuthethelelwa?

Impendulo YeBhayibheli

Isono esingenakuthethelelwa sibhekisela ezenzweni ezihambisana nesimo sengqondo esenza ukuba isoni singaphinde sithole intethelelo kaNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe nesimo sengqondo esinjalo?

UNkulunkulu uyabathethelela labo abaphendukayo ezonweni zabo, baphile ngemithetho yakhe futhi babonise ukholo kuJesu Kristu. (IzEnzo 3:19, 20) Nokho, umuntu angase aphikelele ekwenzeni okubi kuze kucace ukuthi ngeke ayishintshe indlela yakhe yokucabanga neyokuziphatha. Lapho iBhayibheli lichaza umuntu onjalo lithi ‘unenhliziyo embi’ eyenziwe “lukhuni amandla okukhohlisa esono.” (Hebheru 3:12, 13) Njengobumba oluqinile oluphekwe kuhhonela olungeke lusabunjwa kabusha, inhliziyo yalowo muntu isuke isimelene noNkulunkulu unomphela. (Isaya 45:9) Asikho nesincane isizathu sokuba umuntu onjalo athethelelwe, ngakho unesono esingenakuthethelelwa noma esingathetheleleki.—Hebheru 10:26, 27.

Ngosuku lukaJesu abanye abaholi benkolo abangamaJuda benza isono esingenakuthethelelwa. Babazi ukuthi ukuze enze izimangaliso uJesu wayesebenzisa umoya kaNkulunkulu ongcwele, noma kunjalo bamkhuluma kabi bathi amandla akhe wayewathola kuSathane uDeveli.—Marku 3:22, 28-30.

Izibonelo zezono ezingase zithethelelwe

  • Ukuhlambalaza okubangelwa ukungazi. Umphostoli uPawulu wake waba umhlambalazi, kodwa kamuva wathi: “Ngaboniswa isihe, ngoba ngangingazi futhi ngenza ngenxa yokuntula ukholo.”—1 Thimothewu 1:13.

  • Ukuphinga. IBhayibheli likhuluma ngabantu abake baphinga kodwa baphenduka futhi bathethelelwa uNkulunkulu.—1 Korinte 6:9-11.

“Ingabe ngenze isono esingenakuthethelelwa”?

Uma uyizonda ngokujulile indlela embi owawuphila ngayo futhi ufuna ukuguquka ngempela, lokho kusho ukuthi awenzanga isono esingenakuthethelelwa. UNkulunkulu angathethelela ngisho nesono esifanayo esenziwa ngokuphindaphindiwe uma nje inhliziyo yakho ingashintshanga unomphela yamelana naye.—IzAga 24:16.

Abanye abantu banomuzwa wokuthi kungenzeka benzé isono esingenakuthethelelwa ngenxa yokuthi bahlushwa yimizwa yecala ephikelelayo. Nokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi asikwazi ukwethemba imizwa yethu ngaso sonke isikhathi. (Jeremiya 17:9) UNkulunkulu akasinikanga igunya lokwahlulela abantu—asinalo ngisho nelokuzahlulela thina. (Roma 14:4, 12) Angasithethelela ngisho noma inhliziyo yethu isilahla.—1 Johane 3:19, 20.

Ingabe uJuda Iskariyothe wenza isono esingenakuthethelelwa?

Yebo, wenza sona. Ukuhaha kwakhe kwamshukumisela ukuba ebe umnikelo owawunikelelwe ukusetshenziselwa izinto ezingcwele. Waze wenza sengathi ukhathalela abampofu ukuze afihle lokho ayekukhathalela ngempela—ukweba imali eyengeziwe. (Johane 12:4-8) Lapho inhliziyo kaJuda isigxile ngokuphelele ekwenzeni okubi, wakhaphela uJesu ngezinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu. UJesu wayazi ukuthi uJuda wayengasoze aphenduka ngempela kulokho ayekwenzile futhi wambiza ngokuthi ‘indodana yokubhubha.’ (Johane 17:12) Lokho kusho ukuthi lapho uJuda efa, wayeyoshabalala phakade futhi engenalo ithemba lovuko.—Marku 14:21.

UJuda akabonisanga ukuphenduka kwangempela ngesono sakhe. Wavuma isono sakhe kubaholi benkolo ayenze ububi nabo, hhayi kuNkulunkulu.—Mathewu 27:3-5; 2 Korinte 7:10.