Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Siyini Isibonakaliso ‘Sezinsuku Zokugcina’ Noma ‘Ukuphela’?

Siyini Isibonakaliso ‘Sezinsuku Zokugcina’ Noma ‘Ukuphela’?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli lichaza izenzakalo nezimo eziyobonisa isikhathi esiholela ‘esiphelweni sesimiso [samanje] sezinto’ noma ‘ekupheleni kwezwe.’ (Mathewu 24:3; IBhayibheli lesiZulu elivamile) IBhayibheli libiza lesi sikhathi ‘ngezinsuku zokugcina’ noma ‘isikhathi sokuphela.’ (2 Thimothewu 3:1; Daniyeli 8:​19; IBhayibheli lesiZulu elivamile) Lokhu okulandelayo kuyizimpawu eziphawulekayo zezinsuku zokugcina noma zesikhathi sokuphela ngokweziprofetho:

Ingabe siphila “ezinsukwini zokugcina”?

Yebo. Izimo zeZwe kanye nezenzakalo zeBhayibheli ngokulandelana kwazo, kubonisa ukuthi izinsuku zokugcina zaqala ngo-1914. Ngaleso sikhathi, uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ezulwini, esinye sezinyathelo zokuqala kwaba ukuxosha uSathane namademoni ezulwini nokugcina imisebenzi yabo isemhlabeni kuphela. (IsAmbulo 12:7-12) Ithonya likaSathane esintwini lingabonakala endleleni embi abaningi abacabanga ngayo nasezenzweni zabo okwenza izinsuku zokugcina zibe ‘bucayi kube nzima ukubhekana nazo.’—2 Thimothewu 3:1.