Iyini Injongo Yokuphila?
Impendulo YeBhayibheli
Lo mbuzo othi iyini injongo yokuphila ungabuzwa ngezindlela eziningi, njengokuthi “Kungani silapha?” noma “Ingabe ukuphila kwami kunenjongo?” IBhayibheli libonisa ukuthi injongo yethu yokuphila iwukuba sakhe ubungane noNkulunkulu. Cabangela amanye ala maqiniso ayisisekelo embulwa iBhayibheli.
UNkulunkulu unguMdali wethu. IBhayibheli lithi: “[NguNkulunkulu] osenzile, akuthina.”—IHubo 100:3; IsAmbulo 4:11.
UNkulunkulu unenjongo ngakho konke akudalile, kuhlanganise nathi.—Isaya 45:18.
UNkulunkulu wasidala saba ‘nesidingo esingokomoya,’ esihlanganisa isifiso sokuthola injongo yokuphila. (Mathewu 5:3) Ufuna sisanelise leso sidingo.—IHubo 145:16.
Sanelisa isidingo sethu esingokomoya ngokwakha ubungane noNkulunkulu. Nakuba umcabango wokuba umngane kaNkulunkulu ungase ubonakale uyinto engenakwenzeka kwabathile, iBhayibheli lona lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8; 2:23.
Ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu, kumelwe siphile ngokuvumelana nenjongo yakhe ngathi. IBhayibheli liyibeka ngala mazwi le njongo kumShumayeli 12:13: “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”
Esikhathini esizayo, siyokubona ngokugcwele ukufezeka kwenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngathi lapho eqeda ukuhlupheka futhi enika abangane bakhe abamkhulekelayo ukuphila okuphakade.—IHubo 37:10, 11.