Dlulela kokuphakathi

Ingubani Ingelosi Eyinhloko UMikayeli?

Ingubani Ingelosi Eyinhloko UMikayeli?

Impendulo yeBhayibheli

UMikayeli, ezinye izinkolo ezimbiza ngokuthi “uSaint Michael,” ngokusobala igama elanikwa uJesu ngaphambi nangemva kokuphila kwakhe emhlabeni. a UMikayeli waphikisana noSathane ngemva kokufa kukaMose futhi wasiza ingelosi ukuba ihambise umyalezo kaNkulunkulu kumprofethi uDaniyeli. (Daniyeli 10:13, 21; Jude 9) UMikayeli uphila ngokuvumelana nencazelo yegama lakhe, ethi “Ubani OnjengoNkulunkulu?,” ngokumelela ukubusa kukaNkulunkulu nokulwa nezitha zikaNkulunkulu.​—Daniyeli 12:1; IsAmbulo 12:7.

Cabanga ngokuthi kungani kunengqondo ukuphetha ngokuthi ingelosi eyinhloko uMikayeli nguJesu.

  • UMikayeli ‘uyingelosi eyinhloko.’ (Jude 9) Isiqu esithi “ingelosi eyinhloko,” esisho ukuthi “isikhulu sezingelosi,” sivela emavesini amabili kuphela eBhayibhelini. Kuwo womabili, leli gama lisebunyeni, okusikisela ukuthi yinye kuphela ingelosi enalesi siqu. Elilodwa lala mavesi lithi iNkosi uJesu evusiwe “iyokwehla ezulwini ngezwi elinegunya, ngezwi lengelosi enkulu.” (1 Thesalonika 4:16) UJesu unezwi “lengelosi enkulu” ngoba uyiyo ingelosi enkulu noma eyinhloko, uMikayeli.

  • UMikayeli ulawula ibutho lezingelosi. “UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako,” uSathane. (IsAmbulo 12:7) UMikayeli unegunya elikhulu endaweni yomoya, ngoba ubizwa ngokuthi “omunye wezikhulu eziphambili” nangokuthi “isikhulu esikhulu.” (Daniyeli 10:13, 21; 12:1) Mayelana nalezi ziqu, isazi seTestamente Elisha uDavid E. Aune uthi lezi ziqu zibonisa uMikayeli ‘njengomkhuzi wamabutho ezingelosi.’

    IBhayibheli likhuluma ngegama elilodwa kuphela lomunye umuntu onegunya phezu kwebutho lezingelosi. Lichaza ‘ngokwambulwa kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo.’ (2 Thesalonika 1:7, 8; Mathewu 16:27) UJesu “waya ezulwini; futhi izingelosi namagunya namandla kwenziwa kwamthobela.” (1 Petru 3:​21, 22) Bekuyoxaka uma uNkulunkulu ebengabeka uJesu noMikayeli njengabalawuli bezingelosi ezingcwele abaphikisanayo. Kunalokho, kunengqondo kakhudlwana ukuphetha ngokuthi womabili la magama, uJesu noMikayeli, abhekisela kumuntu oyedwa.

  • UMikayeli ‘uyokuma ngesikhathi sosizi’ olungakaze lube khona. (Daniyeli 12:1) Encwadini kaDaniyeli, inkulumo ethi ‘ukuma’ ngokuvamile isetshenziselwa ukubhekisela enkosini ethatha isinyathelo esibalulekile. (Daniyeli 11:​2-4, 21) UJesu Kristu, ovezwe ngokuthi “uLizwi KaNkulunkulu,” uzothatha isinyathelo esibalulekile ‘njengeNkosi yamakhosi’ sokubulala zonke izitha zikaNkulunkulu futhi avikele abantu bakaNkulunkulu. (IsAmbulo 19:11-16) Lokhu uyokwenza ngesikhathi ‘sosizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe.’​—Mathewu 24:21, 42.

a Bakhona nabanye abantu ababizwa ngamagama ahlukahlukene eBhayibhelini, njengoJakobe (ophinde abizwe ngo-Israyeli), uPetru (ophinde abizwe ngoSimoni) noThadewu (ophinde abizwe ngoJuda).​—Genesise 49:​1, 2; Mathewu 10:​2, 3; Marku 3:​18; IzEnzo 1:13.