Dlulela kokuphakathi

Ingabe UJesu Wayeshadile? Wayenazo Yini Izingane Zakubo?

Ingabe UJesu Wayeshadile? Wayenazo Yini Izingane Zakubo?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uJesu wayengashadile, ngisho noma lingakhulumi ngokuqondile ngesimo sakhe uma kuziwa endabeni yokushada. a Cabanga ngalokhu okulandelayo.

  1. IBhayibheli livamile ukukhuluma ngomndeni wakubo kaJesu nangabesifazane ababehamba naye phakathi nenkonzo yakhe, abama eceleni kwakhe ngesikhathi ebulawa, kodwa alikhulumi nhlobo ngokuthi wayenenkosikazi. (Mathewu 12:46, 47; Marku 3:​31, 32; 15:40; Luka 8:​2, 3, 19, 20; Johane 19:25) Ukuphela kwesizathu esizwakalayo esenza iBhayibheli lingasho lutho ngale ndaba ukuthi akazange ashade.

  2. Ngokuphathelene nalabo abahlala bengashadile ukuze benze okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu, uJesu watshela abafundi bakhe: “Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo [ukungashadi] makakutholele indawo.” (Mathewu 19:10-​12) Wababekela isibonelo labo abakhetha ukungashadi ukuze bazinikele ngokugcwele kuNkulunkulu.​—Johane 13:15; 1 Korinte 7:​32-​38.

  3. Ngaphambi nje kokuba afe, uJesu wahlela ukuba kunakekelwe unina. (Johane 19:25-​27) Ukube uJesu wayeshadile noma ukube wayenezingane, wayeyoqikelela ukuthi amalungu omndeni wakhe aseduze ngaleyo ndlela ayanakekelwa nawo.

  4. IBhayibheli lisebenzisa uJesu njengesibonelo emadodeni, kodwa alibhekiseli endleleni ayephatha ngayo inkosikazi engumuntu. Kunalokho, lithi: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) Ukube uJesu wayeshadile ngesikhathi esemhlabeni, ngokuqinisekile indlela ayephatha ngayo umkakhe yayiyosetshenziswa njengesibonelo kuleli vesi.

Ingabe uJesu wayenezingane zakubo?

Yebo, okungenani uJesu wayezalwa nezingane eziyisithupha. UJakobe, uJosefa, uSimoni, uJuda nodadewabo ababili. (Mathewu 13:54-​56; Marku 6:3) Lezi kwakuyizingane zakubo kaJesu ezizalwa uMariya, unina kaJesu, nomyeni wakhe uJosefa. (Mathewu 1:​25) IBhayibheli libiza uJesu ngokuthi “izibulo” likaMariya, okusikisela ukuthi wayenazo ezinye izingane.​—Luka 2:7.[2]

Imibono eyiphutha ngabafowabo bakaJesu

Ukuze basekele umbono wokuthi uMariya wahlala eyintombi ukuphila kwakhe konke, abanye baye bachaza igama elithi “abafowabo” ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, abanye banomuzwa wokuthi abafowabo bakaJesu kwakuyizingane zikaJosefa ayezithole emshadweni wakhe wangaphambili. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi uJesu wazuza ilungelo elingokomthetho lobukhosi elalithenjiswe uDavide. (2 Samuweli 7:​12, 13; Luka 1:​32) Ukube uJosefa wayenamanye amadodana amadala kunoJesu, indodana endala kunawo wonke kwakuyoba iyona eyindlalifa engokomthetho kaJosefa.

Kungenzeka yini ukuthi abafowabo bakaJesu okukhulunywa ngabo babhekisela kubafundi bakaJesu, noma abafowabo abangokomoya? Lowo mqondo uyangqubuzana nemiBhalo, ngoba iBhayibheli lithi esikhathini esithile “eqinisweni, abafowabo babengenalo ukholo kuye.” (Johane 7:5) IBhayibheli liyabahlukanisa abafowabo bakaJesu kubafundi bakhe.​—Johane 2:​12.

Abanye bathi abafowabo bakaJesu empeleni kwakungabazala bakhe. Nokho, imiBhalo yesiGreki isebenzisa amagama ahlukile lapho ichaza “umfowabo” “isihlobo” “nomzala.” (Luka 21:16; Kolose 4:​10) Izazi zeBhayibheli eziningi ziyavuma ukuthi abafowabo nodadewabo bakaJesu kwakungabafowabo nodadewabo begazi. Ngokwesibonelo, i-Expositor’s Bible Commentary ithi: “Indlela engokwemvelo ukuzedlula zonke yokuqonda igama elithi ‘abafowabo’ . . . ukuthi leli gama libhekisela emadodaneni kaMariya noJosefa, okuwenza abe abafowabo bakaJesu ngonina.” b

a IBhayibheli liyabhekisela kuKristu njengomkhwenyana, kodwa umongo ukwenza kucace ukuthi lokhu kungokomfanekiso.​—Johane 3:​28, 29; 2 Korinte 11:2.

b Bheka nencwadi ethi The Gospel According to St. Mark, Uhlelo Lwesibili, kaVincent Taylor ikhasi 249, nethi A Marginal Jew​—Rethinking the Historical Jesus, kaJohn P. Meier, Umqulu 1, amakhasi 331-​332.