Dlulela kokuphakathi

Ingabe UJesu wafela Esiphambanweni?

Ingabe UJesu wafela Esiphambanweni?

Impendulo YeBhayibheli

Abantu abaningi babheka isiphambano njengophawu lobuKristu olwaziwa kakhulu. Nokho, iBhayibheli aliyichazi into uJesu afela kuyo, ngakho akekho ongaqiniseka ngokuthi yayime kanjani. Yize kunjalo, iBhayibheli lisinika ubufakazi bokuthi uJesu akazange afele esiphambanweni kodwa wafela esigxotsheni esiqondile.

Ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa igama lesiGreki elithi stau·rosʹ lapho libhekisela kulokho uJesu afela kukho. (Mathewu 27:40; Johane 19:17) Nakuba izinguqulo eziningi ngokuvamile zihumusha leli gama ngokuthi “isiphambano,” izazi eziningi ziyavuma ukuthi incazelo eyisisekelo yaleli gama empeleni isho “isigxobo esiqondile.” a I-Critical Lexicon and Concordance to the English and Greek New Testament ithi igama elithi stau·rosʹ “alilokothi lisho izingxenye ezimbili zokhuni ezihlanganiswe nganoma iyiphi indlela.”

IBhayibheli liphinde lisebenzise igama lesiGreki elithi xyʹlon elinencazelo efanayo neyelithi stau·rosʹ. (IzEnzo 5:30; 1 Petru 2:24) Leli gama lisho “ukhuni,” “ugodo,” “isigxobo” noma “isihlahla.” b I-Companion Bible iphetha ngokuthi: “Akukho ngisho nokuncí esiGrekini seTestamente Elisha okusikisela izingodo ezimbili.

Ingabe ukusebenzisa isiphambano lapho sikhulekela kuyamukeleka kuNkulunkulu?

I-crux simplex​—igama lesiLatini elisho isigxobo esasisetshenziselwa ukubethela isigebengu

Kungakhathaliseki ukuthi injani into uJesu afela kuyo, amaqiniso alandelayo namavesi eBhayibheli abonisa ukuthi akufanele sisebenzise isiphambano lapho sikhulekela.

  1. UNkulunkulu uyakwenqaba ukukhulekela okusebenzisa izithombe noma imifanekiso, kuhlanganise nesiphambano. UNkulunkulu wayala ama-Israyeli ukuba angasebenzisi “isimo sanoma imuphi umfanekiso” ekukhulekeleni kwawo futhi namaKristu atshelwa ukuba ‘akubalekele ukukhonza izithombe.’​—Duteronomi 4:15-19; 1 Korinte 10:14.

  2. AmaKristu ekhulu lokuqala awazange asebenzise isiphambano lapho ekhulekela. c Izimfundiso nesibonelo sabaphostoli kubeka isibonelo okufanele silandelwe yiwo wonke amaKristu.​—2 Thesalonika 2:15.

  3. Ukusetshenziswa kwesiphambano ekukhulekeleni okunomsuka wobuqaba. d Ngemva kwamakhulu eminyaka uJesu afa, ngesikhathi amasonto esephambukile ezimfundisweni zakhe, amalungu amasonto amasha “avunyelwa ukuba agcine imifanekiso nezithombe zobuqaba,” kuhlanganise nesiphambano. (The Expanded Vine’s Expository Dictionary of New Testament Words) Noma kunjalo, iBhayibheli alihambisani nokusetshenziswa kwemifanekiso yobuqaba ukuze kutholakale abalandeli abasha.​—2 Korinte 6:17.

a Bheka i-New Bible Dictionary, Third Edition, ehlelwe uD. R. W. Wood ekhasini 245; i-Theological Dictionary of the New Testament , Umqulu VII, ikhasi 572; i-International Standard Bible, Revised Edition, Umqulu 1, ikhasi 825; ne-Imperial Bible-Dictionary, Umqulu II, ikhasi 84.

b Bheka i-Expanded Vine’s Expository Dictionary of New Testament Words, ikhasi 1165; i-Greek-English Lexicon, kaLiddell noScott, Ninth Edition, amakhasi 1191-​1192 ne-Theological Dictionary of the New Testament, Umqulu V, ikhasi 37.

c Bheka I-Encyclopædia Britannica, 2003, ngaphansi kwegama elithi “Cross”; The Cross​—Its History and Symbolism, ikhasi 40; ne-Companion Bible, Oxford University Press, isithasiselo 162, ikhasi 186.

d Bheka I-Encyclopedia of Religion, Volume 4, ikhasi 165; I-Encyclopedia Americana, Umqulu 8, ikhasi 246; ne-Symbols Around Us, amakhasi 205-​207.