Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Uma Ngicindezelekile?

Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Uma Ngicindezelekile?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo, ngoba usizo olungcono kakhulu luvela ‘kuNkulunkulu, oduduza, akhuthaze, aqabule futhi enamise labo abadangele.’—2 Korinte 7:6, The Amplified Bible.

Lokho uNkulunkulu akunika abacindezelekile

  • Amandla. UNkulunkulu ukwenza ‘uqabuleke futhi wename,’ hhayi ngokuqeda zonke izinkinga zakho, kodwa ngokuphendula imithandazo yakho lapho ucela amandla okubhekana nazo. (Filipi 4:13) Ungaqiniseka ngokuthi ukulungele ukukulalela, ngoba iBhayibheli lithi: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Eqinisweni, uNkulunkulu angakuzwa lapho udinga usizo ngisho nalapho wehluleka ukuyichaza ngamazwi indlela ozizwa ngayo.—Roma 8:26, 27.

  • Izibonelo ezinhle. Omunye umlobi weBhayibheli wathandaza kuNkulunkulu: “O Jehova, ngikubizile ngisezinzulwini.” Lo mhubi wabhekana nokucindezeleka ngokukhumbula ukuthi uNkulunkulu akasibaleli iziphambeko zethu. Kunalokho wathi kuNkulunkulu: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama? Ngoba unentethelelo yeqiniso, ukuze wesatshwe.”—IHubo 130:1, 3, 4.

  • Ithemba. Ngaphandle kokusinikeza induduzo manje, uNkulunkulu uthembise ukuqeda zonke izinkinga ezisenza sicindezeleke. Lapho efeza leso sithembiso, “izinto zangaphambili [kuhlanganise nokucindezeleka] ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.”—Isaya 65:17.

Phawula: Nakuba beluqaphela usizo uNkulunkulu alunikezayo, oFakazi BakaJehova bayaya kodokotela lapho bephethwe izifo ezinjengokucindezeleka okukhulu. (Marku 2:17) Nokho, ayikho indlela ekhethekile yokwelapha esiyikhuthazayo; sinomuzwa wokuthi umuntu kufanele azinqumele ngempilo yakhe.