AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA
IsAmbulo 21:1—“Izulu Elisha Nomhlaba Omusha”
“Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwase kudlulile, nolwandle lungasekho.”—IsAmbulo 21:1, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.
“Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile‚ nolwandle alusekho.”—IsAmbulo 21:1, IBhayibheli Elingcwele.
Incazelo yesAmbulo 21:1
Leli vesi lisebenzisa ulimi olungokomfanekiso ukuze licacise ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini uyothathela bonke ohulumeni babantu indawo. UMbuso uzosusa bonke ababi futhi ubuse umphakathi omusha wabantu abazimisele ukuzithoba egunyeni lawo.
Incwadi yesAmbulo isebenzisa ‘izibonakaliso,’ noma imifanekiso. (IsAmbulo 1:1) Ngakho kunengqondo ukuphetha ngokuthi izulu nomhlaba okukhulunywa ngakho kuleli vesi akukho ngokoqobo kodwa kungokomfanekiso. Ngaphezu kwalokho, “izulu elisha” “nomhlaba omusha” okungokomfanekiso kuyakhulunywa ngakho nakwamanye amavesi eBhayibheli. (Isaya 65:17; 66:22; 2 Petru 3:13) Ukuhlola le miBhalo neminye kusisiza siqonde incazelo yala mavesi.
“Izulu elisha.” Ngezinye izikhathi iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “izulu” ukubhekisela ekubuseni noma kohulumeni. (Isaya 14:12-14; Daniyeli 4:25, 26) Ngakho, enye incwadi ithi emibonweni engokwesiprofetho, “izulu limelela amandla okubusa noma uhulumeni okungokomfanekiso.” a KuyisAmbulo 21:1, “izulu elisha” libhekisela eMbusweni kaNkulunkulu. Lo hulumeni wasezulwini, ngezinye izikhathi obizwa ngokuthi “uMbuso wamazulu,” kukhulunywa ngawo kuyo yonke incwadi yesAmbulo nakwezinye izincwadi zeBhayibheli. (Mathewu 4:17; IzEnzo 19:8; 2 Thimothewu 4:18; IsAmbulo 1:9; 5:10; 11:15; 12:10) UJesu njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ngokuhamba kwesikhathi uzothatha indawo ‘yezulu langaphambili,’ okuyibo bonke ohulumeni babantu abanesono.—Daniyeli 2:44; Luka 1:31-33; IsAmbulo 19:11-18.
“Nomhlaba omusha.” IBhayibheli lithi umhlaba ongokoqobo awusoze wabhujiswa noma uthathelwe indawo. (IHubo 104:5; UmShumayeli 1:4) Uyini-ke umhlaba ongokomfanekiso? IBhayibheli lisebenzisa igama elithi “umhlaba” ukuze libhekisele kubantu. (Genesise 11:1; 1 IziKronike 16:31; IHubo 66:4; 96:1) Ngakho “umhlaba omusha,” kufanele ukuba ubhekisela emphakathini omusha wabantu abazimisele ukulalela uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini. “Umhlaba wangaphambili,” noma umphakathi wabantu ophikisana noMbuso kaNkulunkulu, uzodlula.
“Nolwandle lungasekho.” Ngokuvumelana nengxenye yonke yesAmbulo 21:1, “ulwandle” nalo lungokomfanekiso. Ulwandle luvame ukuthukuthela futhi lube nezivunguvungu. Ngakho lubafanekisela kahle abantu ababangela izinkinga eziningi nokudideka ngoba bengafuni ukwazi uNkulunkulu nokuphila ngemithetho yakhe. (Isaya 17:12, 13; 57:20; IsAmabulo 17:1, 15) Nabo bazobe bengasekho. IHubo 37:10 lithi: “Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho, uyoyibheka indawo yabo, bayobe bengekho.”
Umongo wesAmbulo 21:1
Incwadi yesAmbulo isitshela ngokwenzekayo phakathi ‘nosuku lweNkosi.’ (IsAmbulo 1:10) Ngokwesiprofetho seBhayibheli, lolo suku lwaqala ngo-1914 lapho uJesu eqala ukubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. b Kodwa wayengeke aqale ngaso leso sikhathi ukubusa umhlaba. Empeleni, ezinye iziprofetho zithi umhlaba wawuzoba mubi nakakhulu phakathi nengxenye yokuqala “yosuku lweNkosi.” Leyo nkathi ibizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5, 13; Mathewu 24:3, 7; IsAmbulo 6:1-8; 12:12) Lapho lezo zinsuku ezibucayi nezigcwele izinkinga ziphela, uMbuso kaNkulunkulu uzosusa izulu elidala nomhlaba omdala okungokomfanekiso futhi ulethe ukuthula nobunye. Izakhamuzi zoMbuso—“umhlaba omusha”—ziyojabulela ukuphila okungcono futhi zibe imqemane.—IsAmbulo 21:3, 4.
Bukela le vidiyo emfushane ukuze ubone amazwibela encwadi yesAmbulo.
a I-Cyclopedia (1891), Umqulu IV, ikhasi 122 kaMcClintock noStrong.
b Bheka isihloko esithi “Ukulandelana Kwezenzakalo ZeBhayibheli Ngokohlelo Lwezikhathi Kubonisani Ngonyaka Ka-1914?”